UMasipala weTheku uhlela ukwakha izindlu zenani eliphansi endaweni yaseMawoti. Izindlu okuhloswe ukuba zakhiwe ziwu-1650 kanti bawu-3000 abantu okuhlelwe ukuba bahlinzekwe ngezinsiza. Ukuze uMasipala akwazi ukwakha lezi zindlu kudingeka ukuba athole lo mhlaba ogag-ulwe kulo luhla olulapha ngen-zansi. Njengoba uMasipala engakwazi ukwenza izivumel-wano zangasese nabanikazi balezi ziza, kuhlongozwa ukuba iMenenja yeDolobha isebenzise igunya layo ngaphansi kwesigatshana 40.2 sesinqumo soMkhandlu somh-la ka-10 Disemba 2007 sokuba lo mhlaba udliwe ngokom-thetho nguMasipala ngokukhipha isaziso salokhu ngaphansi kwesigaba 9 somthetho kazwelonke olawu-la ezezindlu, i-Housing Act, 1997, sifundwa nezigaba 2.4, 6 kuya ku-15 no-18 - 23 zom-thetho i-Expropriation Act, 1975, nesigaba 25 somthetho-sisekelo wezwe. UMasipala usexoxisene nabanikazi abazi-wayo balezi ziza kanye nabanye abanamalungelo kuzona. Yize noma kuzanywe konke ukuthola abanye nemi-miningwane yokuxhumana nabo, kepha asikho isiqiniseko sokuthi uMasipala unayo yonke imininingwane efanele. Inhloso yalesi saziso ukubikela abanye abathintekayo ngenhloso kaMasipala yokudla ngokomthetho lo mhlaba.
